Isahluko 58
1
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu. Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?
58:1 Isaya 56:10.
2
Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi; ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3
Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
58:3 Isaya 48:8.
4
Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo,
58:4 Jer. 17:23; Hez. 12:2; IzE. 7:57.
5
lingalaleli izwi lezinyanga ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6
Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu! Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
58:6 AmaH. 3:7.
7
Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.
58:7 Jobe 14:10.
8
Mababe njengomnenke oncibilika, uphele, njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.
58:8 Jobe 3:16.
9
Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10
Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo; uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
58:10 AmaH. 54:7.
11
abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo; impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”