Isahluko 67
1
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama. UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise; makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
2
ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni, insindiso yakho kubo bonke abezizwe.
3
Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
4
Izizwe mazijabule, zethabe; ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga, uzihola izizwe emhlabeni. Sela
5
Abantu mabakubonge, Nkulunkulu; mabakubonge abantu bonke.
6
Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.
7
UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.