Isahluko 76
1
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2
Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.
3
Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela
4
Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.
5
Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6
Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7
Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
8
Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula
9
mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela
10
Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11
Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12
Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.