Isahluko 36
1
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova. Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
36:1 Rom. 3:18.
2
Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.
36:2 AmaH. 10:3.
3
Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso; ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4
Uceba okubi ecansini lakhe, uzimisa endleleni engalungile; okubi kakwenyanyi.
36:4 IzA. 4:16; Mika 2:1.
5
Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
36:5 AmaH. 57:10; 108:4.
6
Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.
36:6 AmaH. 145:15; Rom. 11:33.
7
Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
36:7 AmaH. 17:8.
8
Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
36:8 AmaH. 65:4.
9
Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
36:9 AmaH. 49:19; Jer. 2:13; 17:13.
10
Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo, nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11
Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli; nesandla somubi masingangixoshi.
12
Bheka, bawile abenza okubi; bawiswe phansi, abasenakuvuka.