Isahluko 66
1
Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo. Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.
2
Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe, nibabaze ukudunyiswa kwakhe.
3
Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.
4
Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise; bayakuhubela igama lakho.” Sela
5
Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu; uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.
6
Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.
7
Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela
8
Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe, nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe
9
ogcina umphefumulo wethu ekuphileni, engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.
10
Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile, wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.
11
Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.
12
Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.
13
Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami
14
ezaphinyiselwa yizindebe zami, zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.
15
Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela
16
Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu; ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.
17
Ngakhala kuye ngomlomo wami; ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.
18
Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.
19
Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.
20
Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.