Isahluko 140
1
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngikhulule, Jehova, kumuntu omubi, ngilondoloze kumuntu oyisidlwangudlwangu.
2
Baceba okubi enhliziyweni yabo; izinsuku zonke baviva impi.
3
Bayalola ulimi lwabo njengenyoka; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela
4
Ngilondoloze ezandleni zomubi, ngilinde kumuntu oyisidlwangudlwangu, oceba ukukhuba izinyawo zami.
5
Abazidlayo bangifihlela ugibe; ngezintambo bendlala inetha; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela
6
Ngathi kuJehova: �UnguNkulunkulu wami wena.� Yizwa, Jehova, izwi lokunxusa kwami.
7
Jehova Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lokulwa.
8
Ungazivumeli, Jehova, izifiso zababi; ungaphumelelisi amacebo abo, funa baziphakamise. Sela
9
Maqondana nesihlungu sabangizungezayo mabambozwe ngububi bomlomo wabo.
10
Amalahle ashisayo mawawele phezu kwabo; mabaphonswe emlilweni nasemigodini ejulileyo, bangabe besavuka.
11
Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.
12
Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.
13
Impela abalungileyo bayakubonga igama lakho; abaqotho bayakuhlala ebusweni bakho.