Isahluko 136
1
Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2
Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3
Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade;
4
yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5
owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6
owendlala umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7
owenza izinkanyiso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8
ilanga ukuba libuse emini, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9
inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10
owalishaya iGibithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11
owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12
ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13
owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14
owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15
owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
16
owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
17
owashaya amakhosi amakhulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
18
owabulala amakhosi adumileyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
19
uSihoni inkosi yama-Amori, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
20
no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
21
owanika izwe labo laba yifa, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
22
laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
23
owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
24
owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
25
onika inyama yonke ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.
26
Bongani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.