Isahluko 59
1
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale. Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami, ngivikele kwabangivukelayo;
2
ngikhulule kwabenza okubi, ngisindise kubantu begazi.
3
Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.
4
Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.
5
Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela
6
Bayabuya kusihlwa, bahlaba umkhulungwane njengenja, bezula emzini.
7
Bheka, bayampompa ngomlomo wabo, kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”
59:7 AmaH. 55:21; 57:4.
8
Kepha wena Jehova uyabahleka; uyabaklolodela bonke abezizwe.
59:8 AmaH. 2:4.
9
Mandla ami, ngiyakulindela wena, ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10
UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11
Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.
59:11 Gen. 4:12.
12
Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo; mazibanjwe ekuzidleni kwazo nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13
Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho; mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe, kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela
14
Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.
15
Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
59:15 Isaya 8:21.
16
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngethabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami, nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17
Mandla ami, ngizakuhubela wena; ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami, unguNkulunkulu wami womusa.