Isahluko 47
1
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.
47:1 AmaH. 66:1.
2
Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
47:2 Zak. 14:9; Mal. 1:14.
3
Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.
47:3 AmaH. 18:48.
4
Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela
5
UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo.
47:5 AmaH. 68:18.
6
Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7
Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
8
UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi.
47:8 AmaH. 22:28.
9
Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.