Isahluko 3
1
USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
2
Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.
3
Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukuba kwakhiwe indlu kaNkulunkulu: ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.
4
Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo.
5
Indlu enkulu wayembesa imisayipuresi, wayinameka ngegolide elihle, waqopha kulo amasundu namaketanga.
6
Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe; igolide laliyigolide laseParivayimi.
7
Wanameka nendlu, nemishayo, nemibundu, nezindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubi ezindongeni.
8
Wenza indlu engcwelengcwele; yayimalungana nobubanzi bendlu; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili; wayinameka ngegolide elihle, lingamatalenta angamakhulu ayisithupha.
9
Isisindo sezipikili sasingamashekeli angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.
10
Endlini engcwelengcwele wenza amakherubi amabili aqoshiweyo; bawanameka ngegolide.
11
Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi.
12
Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo, lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.
13
Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.
14
Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
15
Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
16
Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika; wenza amapomegranati ayikhulu, wawabeka emaketangeni.
17
Wazimisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.