Isahluko 27
1
UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
2
Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.
3
Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.
4
Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
5
Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.
6
UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
7
Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.
8
Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.
9
UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.