Isahluko 18
1
Wo kuwena lizwe lokuhashaza kwamaphiko eliphesheya komfula waseKushe,
2
elithuma izigijimi ngolwandle nangemikhumbi yemihlanga phezu kwamanzi. Hambani nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni esidephileyo nesikhazimulayo, kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula.
3
Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlabeni bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.
4
Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje, wathi: “Ngiyakubheka ngithule, ngisendaweni yami, njengokubalela okukhazimula ekukhanyeni kwelanga, njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.”
5
Ngokuba kungakafiki ukuvuna, nokukhahlela sekuphelile, nembali isiphenduka isithelo esivuthiweyo, uyakunquma amahlumela ngawocelemba, awasike amagatsha, awasuse.
6
Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.
7
Ngaleso sikhathi kuyakulethwa isipho kuJehova Sebawoti yibo abantu abadephileyo nabakhazimulayo, sivela kubantu abesabekayo lapha nasekudeni, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso lidatshulwe yimifula, endaweni yegama likaJehova Sebawoti, intaba yaseSiyoni.