Isahluko 17
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.
3
Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.
4
Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.
5
Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”
6
UMose wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, zonke izikhulu zamnika izintonga ngayinye kuleso naleso sikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili.
7
UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.
8
Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi; bheka, intonga ka-Aroni yendlu kaLevi ibisihlumile, ivezile imiqumbe, iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo.
9
UMose wakhiphela bonke abantwana bakwa-Israyeli zonke izintonga ngaphambi kukaJehova, babheka, yilowo nalowo wathatha intonga yakhe.
10
UJehova wathi kuMose: “Buyisa intonga ka-Aroni ngaphambi kobufakazi, igcinwe ibe luphawu kubahlubuki, ukuze uqede ukukhonona kwabo ngami ukuba bangafi.”
11
UMose wenze njalo; njengalokho uJehova emyalile, wenze njalo-ke.
12
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.
13
Bonke abasondelayo abasondela etabernakele likaJehova bayakufa; siyakuphela sonke na?”