Isahluko 12
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma owesifazane ekhulelwa, azale umfana, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa; njengasemihleni yokungcola ngefindo lakhe wohlala engcolile.
3
Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa.
4
Abesehlala esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi amathathu nantathu, angathinti lutho olungcwele, angangeni endlini engcwele, zize ziphelele izinsuku zokuhlambuluka kwakhe.
5
Kepha uma ezala intombazana, makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe, ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.
6
“ ‘Nanxa seziphelile izinsuku zokuhlambuluka kwakhe ngomfana noma ngentombazana, makalethe imvu enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wokushiswa, nephuphu lejuba noma ihobhe, libe ngumnikelo wesono, akulethe ngasemnyango wetende lokuhlangana kumpristi,
7
yena anikele ngakho phambi kukaJehova, amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe. Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.
8
“ ‘Uma amandla akhe enganeli imvu, khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana, aze ahlambuluke.’ ”