Isahluko 20
1
U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari.
2
U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.
3
Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”
4
Kepha u-Abimeleki wayengakasondeli kuye; wathi: “Nkosi, uyakubhubhisa nesizwe esilungileyo na?
5
Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”
6
Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.
7
Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”
8
U-Abimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.
9
U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”
10
U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Wabonani ukuba wenze lokhu na?”
11
U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.
12
Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami.
13
Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”
14
U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.
15
Wathi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami lisebusweni bakho; yakha lapho uthanda khona.”
16
Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.”
17
U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.
18
Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.