Isahluko 114

1 Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.
4 Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu.
5 Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,
6 nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma eninjengamawundlu, na?
7 Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi, ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
8 yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.